Noma ngubani ofuna ukugcina inyathi, kumele aqale abhalise umhlaba noMnyango weZoLimo.
Thola ifomu lesicelo kwi-website, ebese uligcwalisa ngokuprinta. Lingatholakala nakwihhovisi lendawo yempilo wezilwane kahulumeni.
Cela udokotela wezilwane kahulumeni oseduzane nawe ukuthi ahlole umhlaba kanye nothango , kanye nokuqinisekisa isimo sezifo senyathi.
Inhloko yezinkonzo zempilo yezilwane kwisifundazwe kumele ufakezele ukuthi kukhona imithombo efanele yokuqapha isimo epulazini njalo-njalo, nokuthi ukuhamba-hamba kwenyathi epulazini kanye nangaphandle kwepulazi kungaphathwa kahle ngendlela efanele nokuthi kuzokwazeka ukuthi kulandelelwe ngokushesha yonke into okungenzeka ihambe ngendlela engavamile.
isitifikedi esigunyazisiwe sokubiyelwa kahle ngendlela efanele, esikhishwa ziphathimandla zokugcinwa kwemvelo/kwendalo ikhophi yemephu ekhombisa umkhawulo wawo wonke umhlaba okwenziwa isicelo sobhaliso lwawo.
Isikhathi esithathwayo ukubonelela isicelo nokwamukelwa kwaso kuyahluka kusifundazwe ngesifundazwe . Uma isicelo sesamukelwe, sithunyelwa kuMnyango kazwelonke wezoLimo.
Izikhulu kumnyango kazwelonke, zinikeza ngenombolo yobhaliso , zingezela ulwazi kwirejista yezinyathi kuzwelonke kanye nokuprinta isitifikedi serejistreshini esinikezwa umnikazi womhlaba. Le nqubo ingathatha izinsuku ezilishumi zokusebenza.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
